Kuzoba namanyuvesi amasha ngo-2014
2012-10-11 12:01
Johannesburg - INingizimu Afrika izokhulisa izinga lemfundo ngokuthi yakhe amanyuvesi amabili, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo emazingeni aphakeme uBlade Nzimande.
"Kuhlelwa ukuthi amanyuvesi abe esesebenza ngonyaka ka-2014," esho ekhuluma emhlanganweni weBlack Business Council, eMidrand.
Izikhungo lezi zizokwakhiwa eMpumalanga naseNorthern Cape.
UMengameli uJacob Zuma utshele izihambeli zomhlangano wathi seyihlonziwe indawo ekuzokwakhiwa kuyo amanyuvesi, uthe maduzane kuzophendulwa isoyi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA