Kuza imvula enamandla eKZN

2012-12-10 14:02

Durban - Abantu basemaphandleni eKwaZulu-Natal kumele balindele izimvula ezinamandla, ezihambisana nokuduma kwezulu, ezizohlasela ngezikhathi zantambama.

Abezindaba zeNewswatch bathi abakwaSA Weather Service bakhiphe izexwayiso ezimbili esifundazweni.

Okhulumela abezesimo sezulu uWisani Maluleke uthe izindawo eziqashelwe kakhulu zihlanganisa uMnambithi nezindawo ezingomakhelwane.

Amakhaya alinganiselwa ku-200 acekeleke phansi ngesikhathi kuhlasela imvula ngeSonto ebusuku, kubikwe ukuwa kwamaqhwa alinganiselwa ebholeni lomphebezo.

UMaluleke uthe izulu lizoqala ukuphenya ngoLwesithathu.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...