Kuyethusa ukuphawula kukaNzimande - Sanef

2012-11-20 12:06

Johannesburg - Ukuphawula okwenziwe nguNobhala Jikelele weSACP uBlade Nzimande mayelana nomthetho ozovikela ukudelelwa kukaMengameli uJacob Zuma "kuyamangaza," kusho iSA National Editors' Forum (Sanef) ngoLwesibili.

"UNzimande ukushaya indiva ukuphikisa lo mthetho okwenziwa yizintatheli, abameli kanye nezishoshovu ngenxa yokugqugquzela kwawo ukulawula izintatheli nokuzifaka ebungozini," kusho le nhlangano esitatimendeni.

"Emazweni amaningi e-Afrika izintatheli ziyaboshwa ngenxa yalo mthetho uma zigxeke inhloko yezwe noma abantu abaphezulu kwezombusazwe."

ISanef ithe lo mthetho usetshenziswa ngenhloso yokucindezela abezindaba nomphakathi ophikisayo.

NgoMsombuluko owedlule, uNzimande wazwakalisa ukuhambisana nesicelo esenziwa yiqembu lakhe KwaZulu-Natal sokuba kwenziwe umthetho ozovikela uZuma angadelelwa, wathi ukuhlaselwa kwakhe akwamukelekile.

ISanef ithe uNzimande uyishaya indiva iDeclaration of Table Mountain, eyenziwa ngoJuni 2007.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...