Kuyathusa ukuqashwa kukaJiba : DA

2011-01-14 15:10
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Iqembu leDemocratic Alliance ngoLwesihlanu lizwakalise ukungenami ngokuqokwa kukaAdvocate Nomgcobo Jiba njengesekela likamqondisi kuzwelonke ophikweni lwezokushushiswa kwamacala omphakathi.

"U-Advocate Jiba akakulungele ukubamba lesisikhundla ngenxa yomlando wakhe neNPA nalapho azibandakanya kwezepolitiki kanye nakwezangasese," kusho okhulumela iDA kwezobulungiswa uDene Smuts.

Uphiko lweNational Prosecuting Authority ngoLwesine lumemezele ukuqashwa kwamasekela kamqondisi amabili.

UJiba kanye Nomvula Mokhatla baqokwa kusukela ngoDecember 22, 2010 kodwa baze baqala ukusebenza kulelisonto.

UJiba ke wake wabhekana namacala okungathembeki, ukuziphatha ngendlela engafanele emzesbenzini kanye nokushiya iNPA imapeketwane.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumenele odubule wabulala intombi

Emizuzwini eyi-20 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...