Kuyabheda emaphoyiseni aseKhayelitsha

2012-11-12 14:02

Cape Town - Umbiko okhishwe ngamaphoyisa aseKhayelitsha, eKapa, uthi lo mbutho usufana nofile njengoba kunezinga eliphezulu lokungaziphathi kahle kwabasebenzi, ukuphutha emsebenzini kanye nokungaphenywa ngendlela kwamacala abantu.

Umbiko uthi esikhathini esiyizinyanga ezingu-14, bangu-78 abantu asebebulewe, lesi sibalo siphindeke kane kuleso esikade sihlawumbiselwa.

Bangu-656 abasebenzi eziteshini ezintathu ezikhona, esikhathini esingunyaka, zingu-701 izikhathi, abasebenzi abathize bebizelwa ngaphamnbi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe, laba basebenzi bahlanganisa namaphoyisa asezikhundleni.

Umbiko uqhubeke waveza ukuthi kukhona ababoshwa baphinde badedelwe bengakaze bathweswe amacala, kunjalo izitatimende zofakazi kanye nabamangali azibhalwa phansi.

Konke lokhu kuvezwe yithimba elaqokwa nguKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiya Phiyega, owacela ukuthi kuphenywe amaphoyisa aseKhayelitsha, kulandela imibiko ethi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwawo nomphakathi.

NoNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille naye ubefuna kube nalolu phenyo, nolugcine ngokumiswa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-9°C Sunny. Cool. Bloem: -1-11°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Dbn: 11-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Refreshingly cool. PE: 9-14°C Rain showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...