Kuxwayiswa ngomkhonyovu wamakhadi
2012-11-09 07:48
Jonathan Erasmus, The Witness
Durban - Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso ezakhamuzini zaseRichards Bay ukuba ziqaphele amaqola angase aziqole amakhadi azo asemabhange noma awasebenzisele umkhonyovu njengoba kuza isikhathi samaholidi.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Debbie Ferreira uthe ngesikhathi samaholidi, lapho abantu bethola amabhonasi, liyanyuka izinga lokuthi babe yizisulu zalobu bugebengu.
Uthe amaphoyisa asebenzisana eduze neSouth African Banking Risk
Information Centre (Sabric) kanti bazolokhu benza imizungezo ezinxanxatheleni zezitolo ukuqapha izigilamkhuba.
Kulindeleke kube khona isiteshi esingumahambanendlwana eBoardwalk Inkwazi Mall.
“Izigebengu zizosebenzisa intuba yokukhululeka kwabantu kulesi sikhathi ukuze zibagebenge," kusho uFerreira.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness