Kuxwayiswa abesifazane abahlukunyezwayo
2013-02-12 14:02
Yanga Soji noTebogo Thamage, Daily Sun
Johannesburg - Kunamadoda angayiboni inkinga ngokulala namadodakazi awo, uma beya nawo ocansini awakholelwa ukutheni bayawadlwengula.
Bakholelwa ukuthi banelungelo lokufundisa izingane zabo ukuthi lwenziwa kanjani ucansi.
Abanye omama, ngenxa yokuswela ukudla emakhaya, baphoqelela izingane zabo ezisafunda amabanga aphansi ukuba ziyenge amadoda amadala anemali.
“Abanye omama la ngaphandle baqwayizisa izingane zabo, ukuze bathenge isinkwa," kusho uPatricia Heslop, elandisa iDaily Sun.
UHeslop noColleen Moabelo baphethe iGuild Cottage eParktown West, eGoli, okuyindawo eyodwa lapho kulashwa khona izingane ezihlukunyeziwe eNingizimu Afrika.
“Omama isikhathi esiningi bayaphoqeleka ukuba bavumele abayeni babo ukuba bahlukumeze amadodakazi abo," kusho uHeslop.
“Ngokujwayelekile indoda kusuke kuyiyo engenisa imali ekhaya, umama ethembele kuyona ukuze aphile."
Uthe amanye amadoda adlwengula izingane zawo asuke ecabanga ukuthi ngeke zikhulelwe.
“Amanye amadoda akwenza lokhu ngenhloso yokuzithokozisa ecabanga ukuthi ngeke ajeziswe," kusho uHeslop.
Kukhuthazwa izingane nabesifazane ukuba babike ngalezi zigameko, bangathuli ukuze bezosizakala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola
ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola
izindaba zeDaily Sun kuFacebook
- Daily Sun