Kuxwayiswa abashayeli bezimoto
2012-12-31 10:30
Johannesburg - Abe-Road Traffic Management Corporation (RTMC) sebexwayise abashayeli bezimoto ngokuthi amaphoyisa ngeke abe nozwelo kubantu abaphula umthetho womgwaqo, kubika i-Eyewitness News.
Okhulumela amaphoyisa omgwaqo, u-Ashref Ismail, uthe sekuboshwe abantu abangaphezulu kuka-2 000 ngokushayela bephuzile kusukela kuqale isikhathi samaholidi.
U-Ismael uthe abantu abashayela bephuzile bayinkinga kakhulu.
“I-RTMC, ngokuhlanganyela namaphoyisa ezifundazweni, izobe iziqaphe ngelokhozi abashayela bephuzile."
U-Ismael uphinde wanxusa abashayeli ukuba babekezelelane emigwaqeni njengoba umthamo wezimoto umkhulu futhi kusalindeleke ukuba ukhule ngoLwesithathu.
Ngokwezibalo zakamuva ze-RTMC ezikhishwe ngoLwesine olwedlule, bangu-1 068 abantu abadlule nezingozi zomgwaqo ezweni lonke phakathi komhlaka-1 kuya ku-25 kuDisemba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24