Kuxwayiswa abalandeli bakaMalema
2012-11-28 16:22
Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo asexwayise athi kumele kube nokuthula uma loyo owabe engumholi we-ANC Youth League, uJulius Malema, esevela ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePolokwane.
"Amaphoyisa azobe etshalwe ngobuningi bawo ezindaweni eziseduze nenkantolo," kusho uBrigadier Hangwani
Mulaudzi.
Imigwaqo eseduze nenkantolo izovalwa ngolwesine ebusuku, phakathi kwamabili.
"Imigwaqo ezovalwa ihlanganisa uSchoeman Street, kusukela kuThabo Mbeki kuya kuRabe
Streets, yiLanddros Mare Street, nayo kusukela kuThabo Mbeki kuya kuRabe Street neBodenstein Street, kusukela kuChurch Street kuze kuyophuma kuHans van Rensburg Street."
UMulaudzi uthe abantu kumele bayigweme lemigwaqo, uqhube athi abantu abazohambela enkantolo ngoLwesihlanu, bayayalwa ukuthi bangaziphathi izikhali.
UMalema ubhekene necala lokusebenzisa budedengu imali, abanye abasolwa abane abanaye kuleli cala, babhekane namacala enkohlakalo yamathenda ka-R52 million.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).