Kuxoshwe unesi owadlwengula isiguli
2012-02-03 08:37
Johannesburg - Uxoshiwe unesi wesilisa kulandela izinsolo zokudlwengula isiguli esibhedlela esisePotchestroom esifundazweni iNorth West, kusho izikhulu ngoLwesihlanu.
"Abantu sebephelelwe yisimilo," kusho uNgqongqoshe wezeMpilo kulesiya sifundazwe uMagome Masike etshela izindaba zomsakazo weSABC.
"Kube nohlelo lwangaphakathi lapho lo wesilisa etholakale enecala wase exoshwa."
Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uBrigadier Thulani Ngubane
uthe lo wesilisa, 24, uzovela eNkantolo yeMantshi yasePotchefstroom ngoFubhuwari 16.
Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngoJanuwari 19.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA