Kuxoshwe umfundi 'obeqabula elala nabanye'

2013-01-30 08:33

Johannesburg - Abazali bomfundi kaGrade 12 badinwe bayaveva ngokuxoshwa kwendodakazi yabo ehostela lesikole ngezinsolo zokuthi inomkhuba wokuqabula nokwenza izinto ezihlobene nocansi kwabanye abafundi.

Le ngane, 18, ixoshwe ehostela laseBlue Hills College, eMidrand, ngoJanuwari 20 ngemuva kokutholakala inecala ngezigameko ezimbili zalolu hlobo, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesithathu.

Intombazane le isolwa ngokuqabula enye emagcekeni esikole, yalala embhedeni owodwa nenye.

Yize abazali bayo bethi impela iphule imithetho yesikole, kodwa kube yisihluku ukuthi ixoshwe.

"Uthishanhloko ungifonele esethi angilande ingane yami. Kusobala ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngaphambi kokuthi kulalelwe icala," kusho umama wengane.

Yize ingaxoshiwe esikoleni, le ngane ayikwazi ukuya esikoleni njengoba abazali bayo behluleka ukukhokhela ukuthi iye esikoleni, nokuyibanga elingu-180 km njalo ngosuku.

Owalesi sikole uChief Ndlovu uthe lesi sikole asihambisani neze nezigameko ezihlobene nocansi emagcekeni aso.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...