Kuxoshwe udokotela owaqola isiguli

2012-11-27 16:35

Johannesburg - Uxoshiwe emsebezini udokotela wasesibhedlela iChris Hani Baragwanath, ngemuva kokutholakala kokuthi wakhokhisa isiguli isamba esingu-R3000, ngesikhathi sihlinzwa iso, ekubeni lokhu kwakufanele akwenze mahhala, kusho uMnyngo wezeMpilo eGauteng.

Isitatimende esikhishwe nguMnyango sithi isiguli esihola impesheni saya esejari kaDokotela D Soma, kodwa kwathi esesihlinza wasihlinzela esibhedlela sikahulumeni.

USoma utholakale enecala lokungaziphathi kahle, kulindeleke ukuthi aphikise ukuxoshwa kwakhe.

Kwesinye isehlakalo lesi sibhedlela kwamele sihlehlise ukuhlinzwa kweziguli ezinhlanu njengoba udokotela ekwakumele azihlinze, ayematasa eqhuba umsebenzi wakhe wangasese.

UMnyango uyaphenya ngalezi zinsolo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...