Kuxoshwe abangafuni ukuba ngamaSulumane

2012-05-31 12:07

Durban - Bangaphezu kuka-70 abafundi abaxoshiwe ezindaweni zokuhlala ekolishi lokuqeqesha ngamakhono eliseMzinto kulandela ukuthi benqaba ukulandela imikhuba nemithetho yobuSulumane, kubika iphephandaba iThe Mercury ngoLwesine.

Abaphathi eCoastal As-Salaam, eBraemar ngaseMzinto, basolwa ngokuphoqa abafundi emadomi ukuba bafunde iQur'an bagqoke nezingubo zamaSulumane.

Kusolakala ukuthi abavumelekile ukuphatha amaBhayibheli emagcekeni alesi sikhungo..

La bafundi bangena embhikishweni emasontweni amabili edlule nokwaholela ekutheni kume ukufunda kuze kube nguLwesibili.

Labo abahlala ngaphakathi bayalelwe ukuba bathole ezinye izindawo zokuhlala ngaphandle kwalesi sikhungo.

Inhloko yaleli kolishi, uPatche Tigere, uthe ngeke akwazi ukuphawula, kodwa kukhona abakwenzayo ukuxazulula lolu daba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo ePhakeme uVuyelwa Qinga uthe uMnyango uyaxoxisana nabaphathi nezikhulu zemfundo esifundazweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...