Kuvundululwe izikhali ePitoli

2011-10-11 08:01

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng avundulule isizinda sezikhali emzini oseWierdaburg, entshonalanga nePitoli, kusho isikhulu ngoLwesibili.

Amaphoyisa alunywe indlebe ngezikhali ezisemzini okuViking Street ngoMsombuluko ntambama, kusho uLieutenant Colonel Tshisikhawe Ndou esitatimendeni.

"Kutholakale izibhamu ezingu-30 nezinkulungwane zezinhlamvu."

Obeqashe kulo muzi uthe akazi lutho ngamanye amagumbi akulo muzi njengoba engavunyelwe ukungena kuwona.

Amaphoyisa abe eseyawavula athola lezi zikhali.

Akuboshwanga muntu.

Umnikazi womuzi uphesheya kwezilwandle.

UKhomishana wamaPhoyisa uJenene uBheki Cele ushayele amaphoyisa ihlombe ngomsebenzi omuhle awenzile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-25°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-22°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...