Kuvundululwe izikhali eKZN
2012-11-26 14:03
Durban - Kuboshwe abantu abathathu eMangoso, ngaseDundee, enyakatho neKwaZulu-Natal, kulandela ukuthi betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.
Abasolwa baphakathi kweminyaka engu-19 no-63 ubudala.
Lokhu kulandela ukuthi amaphoyisa ephume inqina efuna izikhali ezingekho emthethweni ngemizamo yokugwema udlame lwezombusazwe, noselubukeka luyinsakavukela esifundazweni.
Owamaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe: “Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.”
Kuthiwa-ke lo mkhankaso uyaqhubeka ukuze kuliwe nesihlava sodlame esihlasele esifundazweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA