Kuvikelwe isinyathelo sikaDhlomo

2012-11-15 08:02

Pietermaritzburg - UMnyango kaNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo usukuvikele ukusebenzisa kwakhe indiza esetshenziselwa izimo eziphuthumayo.

Owalo Mnyango uSibongile Zungu utshele izintatheli eMgungundlovu ukuthi uDhlomo bekumele aphuthume eManguzi ayoxazulula uthuthuva olwaluphakathi kukadokotela nezakhamuzi, eMkhanyakude, enyakatho nesifundazwe.

"Lolu daba belubandakanya udokotela namantombazane asemancane abesegumbini likadokotela, kanti umphakathi ubudinwe uveva," esho.

Kuthiwa uDhlomo wagweva nendiza, ebambezela ukuthi kuyosizwa ingane eyayilimele engozini yemoto ukuze iphuthunyiswe esibhedlela esiseThekwini.

U-Asheen Maharaj, 15, wasala efe ingqondo kulandela ingozi eyamehlela nomndeni wakhe ePinetown ngoMgqibelo, kwashona abazali bakhe nodadewabo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...