Kuvamile ukutholakala kwezidumbu e-Atlantis

2013-02-13 12:01

Cape Town - Zintathu izidumbu esezitholakale eqeleni elise-Atlantis, eKapa, esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha ezedlule, kusho umbiko wephaphandaba iCape Times.

Isidumbu sokugcina ukuthi sitholakale, kube ngesikaJo-anne van Schalkwyk, 18, esitholwe ngumuntu obehamba ngezinyawo ngoLwesibili.

Isidumbu besidindilize esikhotheni esisendleleni eBeacon Hill.

"Utholakale egqoke ephelele..bekungekho okukhomba ukuthi uke wadlwengulwa nokho kuzolindelwa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu," kusho okhulumela amaphoyisa ase-Atlantis uCyril Dicks.

Ngenyanga ka-Agasti kwatholakala isidumbu sowesifazane okhulelwe, ngasekuqaleni kwenyanga kukhona esinye sowesifazane esatholakala.

Akukho muntu oseboshiwe ngazo zonke lezi zehlakalo.

Umama kaVan Schalkwyk, ongamzali, uthi indodakazi yakhe yahamba ekhaya ineminyaka engu-16 ubudala, uthi ibisebenzisa izidakamizwa.

"Ngigcine ukumbona ngoMsombuluko odlule ehamba nomngani wakhe, asithembe kukhona okungase kwaziwe ngumngani."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...