Kuvamile okwehlele uSteenkamp - SAIRR

2013-02-15 16:44

Johannesburg - Ukubulawa kwentombi yomsubathi u-Oscar Pistorius, kungesinye sezehlakalo ezivamile zokubulawa kwabesifazane eNingizmu Afrika, kusho abeSA Institute of Race Relations.

Unobuhle uReeva Steenkamp, udutshulwe wabulawa esemzini wesoka lakhe ngosuku lwezithandani ngoLwesine.

Izinsolo zithi umbulali nguye uPistorius uqobo.

Umphumela wezibalo ngabantu besifazane abahlukunyezwayo, uthi abaningi babulawa ngabantu abasuke bethandana nabo.

"Zijwayelekile lezi zehlakalo eNingizimu Afrika,” kusho okhulumela isikhungo uLerato Moloi.

"Mhlampe ukulandelwa kangaka kwalolu daba, kuzosiza ekuqwashiseni ngenkinga ehlasele kulolonke leli.”

UMoloi uthi nanoma ngubani angabhekana nalesi sehlakalo, wathi kumele kuqale phansi kubhekisiwe umthetho wokuphathwa kwezibhamu.

Izibalo zakwa-SAIRR zithi bangu-2488 abantu besifazane ababulawayo unyaka nonyaka, eminyakeni eyisithupha edlule.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...