Kuvalwe isibonelelo sothisha basemaphandleni

2013-01-25 12:01

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eLimpopo uDickson Masemola uthi kumethusile ukuzwa ngokumiswa kwesibonelelo sothisha abasebenza ezindaweni ezisemaphandleni, kusho umkhulumeli wakhe ngoLwesihlanu.

"Ungqongqoshe usezibophelezele ekutheni ahlangane nongqongqoshe kuzwelonke u-Angie Motshekga, ngenhloso yokuthi kuqhutshwe isibonelelo sothisha. Uphoxeke kakhulu ngokumiswa kwale mali," kuqhuba umkhulumeli wakhe uPat Kgomo.

UKgomo uthi ungqongqoshe uzimisele ngokuthi lusheshe luxazululwe lolu daba.

NgoLwesine inyunyana yothisha iSA Democratic Teachers' Union (Sadtu), izwakalise ukuthuka ngokumiswa kwesibonelelo.

"Siyi-Sadtu, sibona lokhu kungukuxhaphaza abasebenzi bethu, angeke sikuvumele," kusho umkhulumeli wenyunyana esifundazweni, uMatome Raphasha.

URaphasha uthi othisha abatshelwanga ngalokhu kumiswa kwesibonelelo.

"Othisha babone mhlaka-22 Januwari ukuthi imiholo yabo seyehlile."





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...