Kuvalwe ikolishi elingumbombayi eKZN

2012-03-22 12:02

Durban - UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal usunxuse abafundi ukuthi baqinisekise ukuthi amakolishi azimele ababhalisa kuwo asemthethweni, kubika abeNewswatch.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyanqo uvale ikolishi elifundisa ubudokotela nobuhlengukazi, iNanda Collage of Wellness.

USimphiwe Zondo, ozibiza ngodokotela uvule leli kolishi, eliqeqesha abafundi abayinqwaba, abanye ababuya nakwezinye izifundazwe.

UMnyango uthi uZondo usenikwe incwadi emphoqayo ukuthi avale ikolishi.

UNgqongqoshe woMnyango uDkt Sbongiseni Dhlomo uthi abafundi kumele baqinisekise ukuthi bathola yonke imininingwane efanele ngekolishi, kuze bezogwema ukuqolwa ngosomathuba.

"Abafundi uma befuna ukungena emakolishi abacele ikolishi libanike imininingwano ngalo, bese beya eMnyangweni wezeMfundio baqinisekise ukuthi libhalisile," kusho uDhlomo.

"Ngiyadabuka ngezimali abazikhokhile ngoba angeke besazithola."

UZondo ubekhokhisa abafundi imali esukela ku-R3 500 umfundi ngamunye.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

Emizuzwini eyi-54 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-28°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 20-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...