Kuvalwe ifemu ekushone kuyo abantu
2013-02-15 12:02
Cape Town - UMkhandlu waseKapa ukhethe ukuyivala okwesikhashana ifemu iGlobal Gases factory nalapho kushone khona abasebenzi ababili ngesikhathi kunoqhuma kwegesi, kusho umbiko wanguLwesihlanu.
"Ngemuva kokuhlolwa kwendawo yesigameko ngoLwesine, izikhulu zazise abaphathi ukuthi le ndawo izovalwa okwesikhashana," kusho okhulumela ithimba lezinhlekelele uWilfred Solomons-Johannes.
Ithimba lezikhulu zedolobha, uMnyango wezabaSebenzi namaphoyisa baphenye ngalokhu kuqhuma kwangoLwesithathu.
Kube sekukhishwa isexwayiso sokuthi kulungiswe ibhilidi ngokushesha, ukuze le ndawo iphephe.
Lesi sexwayiso sikhishwe ngaphansi kweNational Building Regulations and Building Standards Act.
USolomons-Johannes uthe umsebenzi wokulungisa unikezwe iComp
Air, nokuyinkampani ezimele.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA