Kuvalelwe izintatheli ziyocoshela ejele

2013-01-17 08:32

Johannesburg - Izikhulu zejele eliseFree State zivalele izintatheli, zaziphuca izinsiza zokusebenza zacisha nezithombe ezithathwe ngesikhathi ojele behlukumeza ngokushaya isiboshwa, ngokusho kombiko ngoLwesine.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi ikomidi lezamajele ePhalamende lihambele leli jele ngoLwesithathu.

Iziboshwa zaseGroenpunt zavuka umbhejazane ngesonto eledlule ngesikhathi zikhala ngempatho kuleli jele.

Abezindaba bamenywa ukuba baphelezele leli komidi, kubika iThe Star neThe Times.

Kuthe kusenjalo, izintatheli zabona ojele beshaya isiboshwa.

"Sibone sisengaphandle kothango iqulu lojele lishaya isiboshwa, nebese silele phansi sikhala ngenxa yezinhlungu," kusho izintatheli zeThe Star.

"...bebekhahlelelana lesi siboshwa ngenjebhola besizungezile."

Lowo ongukhomishana wezamajele eFree State naseNorthern Cape, uSubashni Moodley, utshele umhleli weThe Star, uMakhudu Sedara, ukuthi izintatheli ziphule umthetho wokuthi zingasuki la ebezibekwe khona futhi zingazithathi izithombe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMbete uyinyathele emsileni kuShivambu

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...