Kuvaleliswe abafundi abashona engozini

2012-11-29 12:02

Cape Town - Amakhulu abantu ahambele inkonzo yesikhumbuzo ngoLwesithathu yabafundi abathathu baseMitchells Plain abebenza ibanga leshumi abashone ngempelasonto.

Abafundi baseMondale High School, uKelly Ford, Leigh-Ann Swail noKeenan Smith, bonke abaneminyaka engu-18 ubudala, bashone engozini yemoto ngoMgqibelo.

UFord noSmith bashonele endaweni yesehlakalo kwathi uSwail yena washonela esibhedlela iGroote Schuur.

Omunye obekule ngozi, naye owake wafunda kuso lesi sikoke, iMondale, uNazan Klaasen, 20, usindile yena kule ngozi eyenzeke ekhoneni likaSpine Road noChurch Way eStrandfontein.

Ngasekuqaleni kwesonto, iCape Argus ibike ukuthi ngaphambi kokushaya kwehora lesithupha ngoMgqibelo ekuseni, uFord ufonele umama wakhe emazisa ukuthi usendleleni eya ekhaya njengoba kade ezikhiphile ebusuku.

Ngemuva kwemizuzu nje, imoto yohlobo lweToyota Corolla ebishwayelwa uSmith ishayisane nebhasi lakwaGolden Arrow.

NgoLwesithathu, abafundi bahloniphe okokugcina laba abashonile enkonzweni yesikhumbuzo ebibanjelwe esikoleni, nebihanjelwe abafundi, umndeni, othisha, izikhulu zoMnyango wezeMfundo, amalungu omphakathi kanye nabaholi.

Uthishanhloko u-Owen Bridgens utshele iCape Argus ukuthi ukushona kwalaba bafundi kushiye isikhala esikhulu kubafundi baka-matric.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...