Kutuswa imikhankaso yezingozi
2012-04-12 08:02
Durban - Yize kube yimpelasonto emnyama emigwaqweni
yakuleli ngempelasonto yePhasika, kodwa sibe phansi isibalo sabashonile
kwanda esababoshelwe ukushayela bedle amanzi amponjwana nabebeshayela
budedengu, kubika iSolezwe.
Abe-Road Traffic Management
Corporation (TRMC) bathi izingozi okushone kuzo abantu abaningi
ngesikhathi esisodwa kube ngezezimoto ezishayisane ngenxa yokuthi
abanini bazo bebeshayela ngesivinini esiphezulu abanye beqisile
ezinkambeni.
Okhulumela i-RTMC, uMnuz Ashref
Ismail, uthe okwamanje bangu-157 abantu abashonile ngempelasonto ende
yePhasika. Kulesi sibalo sabashonile ezingozini abangu-32
abaKwaZulu-Natal.
Uthe yize ukuphuma komphe-fumo
owodwa emgwaqweni kuyinto engamele ithathwe kancane kodwa lesi sibalo
siphansi uma siqhathaniswa nesangonyaka owedlule ngesi-khathi esifanayo
lapho kwasho-na khona abantu abangu-297.
“NgoLwesihlanu sizokhipha izibalo
ezingaphelele ngabantu abashonile yize izibalo eziphelele zizomenyezelwa
ngemuva kwezinsuku ezingu-30.
“Lizwakele ikhwelo loMnyango
wezokuThutha kubashayeli futhi amaphoyisa abengazibekile phansi ala
uhasha emigwaqweni. Luselude ukhalo okusamele luhanjwe ekufezeni iphupho
lethu njengoba sifuna ukuthi kungabi-kwa zingozi okuphangalala kuzo
abantu,” kusho u-Ismail.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24