Kutshalwe inqwaba yamaphoyisa eBloem

2012-12-18 12:01

Bloemfontein - Amaphoyisa akhishwe ngobuningi bawo kanjalo nabezindaba njengoba kuvele amadoda amane aboshelwe ubushokobezi eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesibili.

Ngaphambilini amaphoyisa acele abantu ukuba baphume enkantolo ukuze bezoseshwa ngaphambi kokuba baphindele phakathi.

IMantshi uPiet Bester ube esecela abantu ukuba baphinde baphume njengoba icala lizoqala ngokuhamba kosuku.

UBester ube esethi ufuna kusale abantu abathintekayo kuphela kuleli cala ngaphakathi.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uBrigadier Billy Jones uthe la madoda amane, aneminyaka ephakathi kuka-40 no-50 ubudala, avela ngamacala obushokobezi ahlobene nokuvukela umbuso.

Iqembu elisha iFederal Freedom Party (FFP) lithe likholwa ukuthi okungenani abasolwa ababili bangamalungu alo.

Abasolwa ngoMark Trollip, John Martin Keevy, Johan Hendrick Prinsloo noHein Boonzaaier.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...