Kuthungathwa umndeni wosana eKZN

2013-01-22 12:12

Durban - Amaphoyisa aseMnambithi acela noma ngabe ngubani ongase abenolwazi ngomndeni wengane yomfana etholakale ulahliwe ukuba athintane nawo.

'UBaby James', okuyigama aseqanjwe lona, watholwa ngunogada owayehamba ehlola indawo ePlaza ngoDisemba.

Lo mfana, ophakathi kwezinyanga ezimibili kuya kwezintathu ubudala, watholwa egoqwe ngengubo emanzi efakwe ebhokisini likabhanana.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe: “Unogada wenza uphenyo endaweni mayelana nabazali bomntwana kodwa wangathola muntu. Kwabizwa amaphoyisa, ingane yayiswa eLadysmith Provincial Hospital.”

Uthe unogada wahlala kuleyo ndawo ecabanga ukuthi abazali bengane bazofika bezobheka ingane, kodwa akekho owafika. Akekho noseke wavela wazothi eyakhe ingane. Onesi basesibhedlela bayiqamba ngokuthi uJames.

“Nakuba kwakungalindelekile, uJames usesimweni esihle sempilo kanti ulindele ukubuya kwabazali,” kusho uNaicker.

Ongase abenolwazi akaxhumane noConstable Michael Lungisani Ntsele enombolweni ethi: 036 638 1700 noma ku-082 469 9429.

Abangafuni ukuzidalula bangashayela ku-Crime Stop kwethi  08600 10111.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...