Kuthungathwa umfana ominzile eSikhawini

2012-12-07 08:02

Durban - Ikhansela laseSikhawini selinxuse amalungu omphakathi ukuba angalubhadi ePort Durnford Beach kulandela ukuminza kwengane kuleli sonto.

Udadewabo kaSandile Mgenge oneminyaka engu-13 ubudala ubuke umfowabo emuka ngoLwesibili. Isidumbu sakhe asizange sitholakale namanje.

Ikhansela uBhekumuzi Mthiyane uthe: “siyakuqonda ukuthi yisikhathi samaholidi bonke abantu bayakujabulela ukuya emabhishi, kodwa sicela abantu bangayi kuleli bhishi kuze kube umasipala wenza okuthille."

UMthiyane uthe lesi akusiso isehlakalo sokuqala sokuminza kwengane kuleli bhishi, elingenawo ama-lifeguards.

U-anti kaSandile, uQhamu Mkhwanazi, uthe: “njalo siya ebhishi siyomthungatha, nakuba amaphoyisa ewenza umsebenzi wawo. Singathanda ukuthola olunye usizo."

UMkhwanazi uthe uSandile uye ebhishi ehamba nosisi wakhe, uSanelisiwe, kanye nomngani njengenjwayelo.

USanelisiwe uthe babhukude kwaze kaba ntambama, ngemuva kwalokho base bekhetha ukugoduka baye emakhaya.
 
Kodwa endleleni elibhekise emakhaya, uSandile ushintshe umqondo wabuyela kobhukuda, nakuba abanye bebephikisana naye, kusho uMkhwanazi.

UChris Botha weNetcare911 uthe sekube nezehlakalo eziyisishiyagalombili zabamukile eKZN kuleli sonto.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...