Kuthungathwa abokufika abathumbe ingane

2013-01-10 13:02

Johannesburg - Amaphoyisa ngoLwesine aqhubekile nokuthungatha izithandani zasePakistani ekusolakala ukuthi zithumbe umfana onezinyanga eziyisithupha ubudala, zalimaza kanzima umzanyana eBezuidenhout Valley, ngoLwesibili.

"Ubaba wengane uthole umlayezo kamakhalekhukhwini ngoLwesithathu, umtshela ukuthi abathumbi bafuna u-R100 000 ngomntwana," kusho uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini.

"Akukho okusha okusenzekelile nokusavelile ngemuva kwalokho," echaza.

Izithandani beziqashe lapho okwenzeke khona isehlakalo.

"Kusolakala ukuthi lezi zithandani beziqashe kulo muzi oseBezuidenhout Valley futhi aziyikhokhanga imali yerenti yangenyanga kaDisemba"

Umbiko uthi abathumbi bazame ukubulala umzanyana bethi bamnquma uqhoqhoqho, lona utholwe yilungu lomndeni esesimweni esimbi,wase ephuthunyiswa esibhedlela.

"Kusolakala ukuthi lezi zithandani kanye nezingane zazo ezintathu zisaseGauteng. Owesifazane kubikwa ukuthi ukhulelwe," kusho uDlamini.

Ngokusho kombiko wephephandaba iThe Star, ubaba wengane ethunjiwe u-Ifeanyi Jones, usecela ukuba lezi zithandani zibuyise ingane yakhe.

"Ngicela ningibuyisela ingane yami, nizibiza ngamaKhrestu. Ingane ayonanga lutho kinina," kusho ubaba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...