Kuthungathwa abaduke e-E Cape
2012-10-24 16:16
Johannesburg - Amaphoyisa asePort Elizabeth nase-Uitenhage asathungatha abantu ababili abanyamalale ngesikhathi kuhlasele izikhukhula esifundazweni i-Eastern Cape.
ULieutenant Colonel Priscilla Naidu uthe uJohn Smit, 19, wakhukhuleka ebhulohweni elikwaNobuhle, ngeSonto.
"Abatshuzi bangene nezinja zabo emfuleni iSwartkops, okwamanje abakatholi lutho," kusho uNaidu.
"Kuzoqhubeka ukuthungathwa kukaSmit."
Kunomunye futhi onyamalele, okungowesilisa oneminyaka engu-32 ubudala waseKirkwood.
Lona wathathwa ngamanzi ngoMgqibelo, ngesikhathi ezama ukuwela emfuleni iWit.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).