Kutholwe isidumbu 'sesigqila socansi'

2012-03-19 16:49

Bloemfontein - AmaPhoyisa esiFundazweni saseFree State athole isidumbu sowesifazane ekukholakala ukuthi ubegqunywe ngaphansi emayini enziwa isigqila socansi.

Kukholakala ukuthi lona wesifazane wathunjwa ngabavukuzi abangekho emthethweni bamgcina ngaphansi emayini.

Okhulumela amaphoyisa uStephen Thakeng uthi uRethabile Motsheremeli, 28, wanyamalala mhla zingu-10 kuMashi.

Uthi amaphoyisa aphume inqina ngesonto eledlule ngesikhathi umndeni ucela ukufuniswa.

Kuthiwa baningi abesifazane abathunjwa ngabavukuzi bese bephendulwa izigqila zocansi.

Kuthiwa abesifazane abane babevakashele amasoka abo ngesikhathi bethunjwa, abathathu bakwazi ukuphunyuka.

Isidumbu sika Motsheremeli sitholakale ehlathini eliseduze sesiqala ukonakala.

Babili abasolwa abaphenywayo ngalesi sehlakalo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...