Kutholakale umnenke kwi-burger yakwaKFC

2015-08-14 18:26

Cape Town - Kubukeka sengathi izinkinga zesitolo sokudla iKentucky Fried Chicken (KFC) azipheli njengoba kulokhu izithandani zaseKapa zisigxekile lesi sitolo enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

Lezi zithandani zithi zithole umnenke kwiBurger wakwaKFC-KFC Colonel burger meal.

U-Adam Ebrahim ubhale enkundleni yezokuxhumana uFacebook wakwaKFC  waze wafaka nesithombe ekhala ngesigameko esimehlele ngesikhathi evakashele uKFC ose-Athlone eKapa.

U-Ebrahim uthe ubengazikholwa zonke izigameko zakwaKFC esezibikiwe ngaphambilini kuze kube yinamhlanje.

OLUNYE UDABA:IVideo: UKFC uphinde wabonakala kwelinye ihlazo

U-Ebrahim uphinde wathi unkosikazi wakhe uNeorosha uvele wabuyisa ngemuva kokuthola umnenke ekudleni kwakhe.

Lezi zithandani zibuyele kwaKFC zayobikela imenenja yakhona.

UNeorosha uthe abakwaKFC baxolisile bathi bazosinika i-voucher noma basibuyisele imali yethu.

“UKFC unginyanyisile kanti futhi angeke ngiphinde ngithenge khona.”

AbakwaHealth24 baxhumane nabakwaKFC ngesigameko.

“Ngesikhathi sizwa ngalokhu sizamile ukukulungisa ngokushesha,” kusho imenenja yakwaKFC uDough Smart esitatimendeni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
13 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...