Kutholakale umbungu ePMB

2012-04-02 14:06

Pietermaritzburg - Ukuvaleka kwamapayipi ahambisa amanzi kuholele ekuboneni into ehlasimulisa umziba ngesikhathi kutholakala umbungu eMgungundlovu, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthe umnikazi wendawo yokucwala izinwele ekuTheatre Lane ubebheka ukuthi ngabe yini le evimbe ukuhamba kwamanzi ngesikhathi ezithela kulo mbungu.

“Kuvulwe icala ngokufa komuntu njengoba amaphoyisa ephenya ngalolu daba," esho.

Ozibonele utshele amaphoyisa ukuthi kusolakala ukuthi lo mbungu ubusuhlale amahora amane kuya phezulu kuleya ndawo.

“Angicabangi ukuthi le ngane izalwe ngaphambi kwesikhathi ngenxa yokuthi bese kuyingane ephelele," kusho uZazu Nxele.

Abantu abebekule ndawo bazwakalise ukwethuka nokunengeka ngalesi senzo njengoba sebethe kumele afunwe aze atholakale umenzi wokubi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...