Kutholakale umbungu eBenoni
2012-05-02 07:14
Johannesburg - Owesilisa ohlala emgwaqeni uzithele embungwini ngesikhathi ethi uziphantela ukudla emgqonyeni kadoti eBenoni, kusho abezimo eziphuthumayo.
Okhulumela i-ER24 uDerrick Banks uthe le ndoda ibe isimisa imoto yabezimo eziphuthumayo.
“Abosizo lokuqala bathole lo mbungu okukholakala ukuthi ubusunezinyanga ezinhlanu," kusho uBanks.
Lo mgqomo ubusekhoneni likaTom Jones noVictoria Street, ngasenxanxatheleni yezitolo.
Lo mbungu ubusushonile ingasekho inti abangayenza, kusho uBanks.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA