Kutholakale umama nezingane beshonile

2013-02-25 16:13

Johannesburg -  Umama namadodana akhe amabili batholakale beshonile eFourways, eGoli, kusho umbiko wamaphoyisa ngoMsombuluko.

"Izidumbu zabo zitholakale ngabo-21:00 ngeSonto ebusuku," kusho okhulumela amaphoyisa uBalan Muthan.

Kusolakala ukuthi owesifazane uphuze weqisa okuthize okuwubuthi obungaziwa, aphinde wakuphuzisa nezingane ezineminyaka ephakathi kwengu-12 no-17 ubudala.

Okwamanje akukazeki ukuthi laba abashonile baphuzeni, kuzokwazeka uma sekuhlolwe izidumbu.

Kuvulwe idokodo kanti kuyaphenywa, kusho uMuthan.




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Partly cloudy. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Sunny. Mild. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-35°C Sunny. Extremely hot.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...