Kutholakale izikhali emzini osePrimrose

2012-06-04 13:30

Johannesburg - Amaphoyisa asethole izikhali ezinhlobonhlobo ezihlanganisa izibhamu ezingu-16, izinhlamvu izingubo zamasosha nokunye okuningi okutholakale emzini osePrimrose, kusho imibiko ngoMsombuluko.

Abantu abayisithupha abahlanganisa nowesifazane baboshwa kulandela ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe.

Abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-19 no-49, bonke babhekene necala lokutholakala nezikhali.

Laba bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eGermiston, kulona leli sonto.

Amaphoyisa ayaphenya ukuthi abasolwa abahlobene yini necala lokubulawa kukaSibusiso Titimani, 15, owabulawa emijondolo yasePrimrose.

Umfana kuthiwa wagwazwa ngabasolwa ekuthiwa bathi baphindiselela u-Eugene Terre’Blanche.

Amaphoyisa ayacela ongaba nolwazi ngokubulawa kukaTitimani awazise ngokufonela uCaptain Deno Davids ku-011 776 1600 noma ku-072 997 2997.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 16-23°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...