Kutholakale izidumbu zabakhulile efrijini

2013-01-10 07:05

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sesakukazi nesekhehla efrijini elisemzini wabo eBelfast, eMpumalanga, kusho umbiko wamaphoyisa esifundazwe ngoLwesithathu.

"Izidumbu zitholwe ngamaphoyisa namhlanje ekuseni (ngoLwesithathu), bezivalelwe efrijini ziboshwe izandla nezinyawo," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Leonard Hlathi.

URudolf no-Elna Van Heerden bebeneminyaka engu-79 ubudala, bebenamanxeba okushaywa ekhanda ngento eqinile.

Kwebiwe izibhamu ezimbili, imoto yabo yohlobo lweToyota Prado yona itholakale ishiywe kanjalo emgwaqeni ongu-N4, ngaseMiddelburg.

Akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo.


 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...