Kutholakale isidumbu sowesifazane sishile eSoweto

2013-01-08 11:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sowesifazane olinganiselwa eminyakeni eko-20 ubudala, sidindilizile sishile esikhotheni eDobsonville, kusho amaphoyisa aseSoweto.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela, uthi isidumbu sibonwe ngumuntu obedlula ngendlela.

"Lona wesifazane ubeshiswe ngethayi. Siyasola ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe," kusho uMakhubela.

Umufi wayegqoke isikibha esinsundu (brown), unemiyeko ekhanda. Kukholakala ukuthi wabulawa ngempelasonto.

Abantu abadukelwe yisihlobo esingowesifazane okuyo leminyaka, uyacelwa ukuthi ashayele uWarrant Officer Sibeko, ku-082 304 9039 noma ku-011 983 1600.

Kuvulwe icala lokubulala.

 


 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...