Kutholakale isidumbu sokhukhuleke eLimpopo

2013-01-24 14:08

Polokwane - Kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-57 ubudala, ekukholakala ukuthi yakhukhulwa ngamanzi ngesikhathi kuhlasele izikhukhula eLimpopo.

UThomas Rampepe wanyamalala eHa-Kutama, eMakhado, ngoLwesibili, wayezama ukuwela umfula, kusho okhulumela amaphoyisa aseTshilwavhusiku, uConstable Munyadziwa Thenga.

"Sithole umbiko ovela kumalungu omphakathi, ethi kutholakale isidumbu sendoda."

Balinganiselwa eshumini abantu abashonile ezikhukhuleni zaseLimpopo, abathathu namanje basanyamalele kanti abangamakhulu basale bengenamakhaya.

EMusina, amaphoyisa athungatha izidumbu zezingane ezimbili, ezinyamalale ngeSonto ebusuku.

Izingane bezihamba nobaba wazo ngemoto, ngesikhathi kuwa ibhuluho, isidumbu sikababa wazo sitholakale sivaleleke ngaphansi kwesihlahla.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...