Kutholakale isidumbu engcwabeni elingajulile

2013-02-27 10:03

Durban - Kuboshwe abesilisa ababili ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sigqitshwe engcwabeni elingajulile eSikhawini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

UCaptain Thulani Zwane uthe isidumbu sitholwe abasebenzi bakamasipala abebesebenza ehlathini ngoLwesibili.

"Kusolakala ukuthi abasebenzi babone umgodi omncane ehlathi base beba nezinsolo. Ngemuva kwalokho bawumba babona izitho zomzimba," kusho uZwane esitatimendeni.

"Amaphoyisa azisiwe ngalokhu abe eseqalisa ukugumba. Kutholakale isidumbu sowesifazane sesonakele kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eSikhawini".

UZwane uthe isidumbu sihlonzwe njengesikaLondiwe Mngomezulu ofunda eSikhawini FET College.

Kuboshwe isoka lakhe elineminyaka engu-24 ubudala ngemuva kokuba umphakathi ulihambise emaphoyiseni.

"Umsolwa wesibili, 22, yena uboshwe ngokuhamba kwesikhathi kanti bobabili bathweswe icala lokubulala nelokuthumba kanjalo nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho," kusho uZwane.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eSikhawini ngoLwesine.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-9°C Sunny. Cool. Bloem: -1-11°C Morning clouds. Cool.
Dbn: 11-19°C Showery. Morning clouds. Refreshingly cool. PE: 9-14°C Rain showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...