Kutholakale isidumbu efrijini eKapa
2012-10-03 10:01
Cape Town - Kutholakale isidumbu ebese sibolile sifakwe efrijini ebhilidini lamaflethi elike laduma kabi elisenkabeni yedolobha, aziwa ngokuthi yiSenator Park, eKapa.
Lesi sidumbu sitholwe ngabasebenzi abebakha ngesikhathi kulungiswa leli bhilidi ngoLwesibili, kubika iCape Argus.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Traut usiqinisekisile lesi sigameko.
“Isidumbu sitholakale efrijini esitezi sesihlanu kanti asazi ukuthi umuntu lo wabulawa nini," esho.
Uthe amaphoyisa azolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu, nokuyiyona ezocacisa ngembangela yokufa.
Leli bhilidi elisekhoneni likaKeerom noLong
Streets, lidume ngokuba yisizinda sezidakamizwa nokudayisa ngomzimba.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24