Kutholakale isidumbu eMsinga

2013-02-14 16:25

Durban - Kutholakale isidumbu somuntu emfuleni iKranskop River, emaphandleni aKwaZulu-Natal, kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana.

Okhulumela uMnyango uLennox Mabaso uthi uMnyango uzoxhumana nemindeni ebike ukuthi idukelwe yizihlobo njengoba bekuhlasele izikhukhula eMsinga.

Bayisithupha abantu ekubikwe ukuthi banyamalele ngoMsombuluko, ngesikhathi kukhukhuleka imizi yabo, ngemuva kokuthi umfula iSibumba ugcwale wadla izindwani.

Zimbili izidumbu ezitholakale ngoLwesibili, uMabaso uthi bababili abanye abantu asebetholakele.

UMnyango ubike ukuthi kunabesifazane ababili ababulawe umphezulu ngoLwesithathu.

UMildred Ngcobo, 50, ushe wangqongqa ngesikhathi umuzi wakhe kalawondi ugqamuka umlilo, endaweni yaseMasangweni amhlophe, eNquthu.

UMaphungula Malinga, yena ushaywe wumbani ngeSonto endaweni yasemsinga.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...