Kutholakale isidumbu eKagiso

2012-12-27 12:41

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sowesilisa sigqitshwe emgodini ongashoni eKagiso, ngaseKrugersdorp, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesine.

UWarrant Officer Solomon Sibiya uthe umgodi omncane ngemuva kwamathuna aseKagiso ubonwe obezidlulela etheza ngoLwesithathu olwedlule.

"Ubone izimpukane negazi kule ndawo, kuzwakala nephunga elibi, waba nokusola. Ube esebiza amaphoyisa, athe uma efika athola isidumbu sigqitshiwe.”

Uthe lo wesilisa umnyama ngebala, kanti futhi unomdwebo kafezela esifubeni ngakwesobunxele. Kanti ehlombe unombhalo othi “Crazy”. Uneminyaka elinganiselwa ku-32 kuya ku-35 ubudala.

"Isidumbu siyiswe emakhazeni aseRoodepoort. Ongase abe nolwazi olungasiza amaphoyisa ekutholeni izihlobo zale ndoda, akaxhumane namseshi waseKagiso uConstable Nkomo kwethi 011 696 9086/87."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...