Kutholakale intombazane ibulewe

2013-01-31 14:02

Johannesburg - Kutholakala isidumbu sentombazane, 15, ethuneni elingashoni esigodini saseVerdwaal, e-Itsoseng, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesine.

Kulandela ukuthungathwa, isidumbu sayo ebesingagqitshiwe sonke sitholakale ehlathini ngoLwesithathu, ngemuva kokubikwa njengomuntu odukile ngeSonto, kusho uSergeant Philani Nkwalase.

Abazali bale ntombazane bagcine ukuyibona ngoLwesihlanu ngesikhathi iya esikoleni.

"Ngokusho kwengane afunda nayo, baphuma esikoleni baya endaweni yokucima ukoma. Kuthiwa ingane le ithi yabe isiphelezela umufi phakathi kwamabili esegoduka, yagcina lapho ukumbona," kusho uNkwalase.

Kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwakhe.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...