Kutholakale ingane ingcwatshwe endlini

2012-07-03 16:37
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sengane enonyaka owodwa ubudala ingcwatshwe emzini othize eMogwase, kusho amaphoyisa aseNorth West, ngoLwesibili.

UBrigadier Thulani Ngubane uthe isidumbu sengane sitholakale ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngomakhelwane.

"Kukholakala ukuthi ingane ihlatshwe wukugula ngesonto eledlule ngaphambi kokuthi ishone mhlaka-27 Juni."

UNgubane uthi umama wengane oneminyaka engu-29 ubudala kanye nomndeni wakhe bakhethe ukungcwaba ingane phakathi endlini bethi kuyisiko lomndeni.

"Akukho muntu oseboshiwe okwamanje, amaphoyisa asaphenya."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...