Kutholakale enye intombazane ibulewe
2013-02-11 10:02
Cape Town - Sekuphinde kwatholwa enye intombazane futhi ibulewe eKraaifontein kanti amaphoyisa asola ukuthi yadlwengulwa ngaphambi kokubulawa, kusho umbiko weCape Times.
UGe-Audrey Green, 19, utholakale eshonile emzini othile ngoMgqibelo.
Njengodaba lwentombazanyana yaseBredasdorp, u-Anene Booysen, 17, kuboshwe umuntu osondelene noGreen futhi owaziwayo emndenini njengomsolwa.
Okhulumela amaphoyisa u-Andrè Traut uthe isidumbu sikaGreen ebese sibolile sitholakale eshalofini eliseceleni kombhede eflethini likamakhelwane kuKotze Street, eScottsville.
“Uphenyo lokuqala lutshengisa ukuthi wanklinywa, kodwa sizolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu," kusho uTraut.
“Sisaphenya ngalolu daba. Umama womsolwa nguye ohlala kuleli flethi kanti ubengekho ngesikhathi lokhu kwenzeka."
UTraut uthe kuboshwe indoda, 21, kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24