Kuthiwa uzonikwa izigidi uNzama uma esula

2012-11-23 10:01

Durban - Isikhulu samaphoyisa kaMasipala waseThekwini u-Eugene Nzama, uthenjiswe umholo wakhe weminyaka emibili, uma nje engavuma ukushiya umsebenzi wakhe, njengoba kunezinxushunxushu phakathi kwakhe nabanye abasebenzi.

Imali uNzama "azoxhawulwa" ngayo ayidalulwanga.

UNzama kuthiwa unokuphambana ngemibono nezinye izikhulu, ikakhulu kwezombusazwe, kuthiwa imizamo yokulungisa isimo yahlula noma sekubizwe izikhondlakhondla zeqembu esifundazweni, ezihlanganisa noNobhala wesifunda saseThekwini uSibongiseni Dhlomo.

Umbiko wephephandaba iMercury uthi imenenja kaMasipala uS'bu Sithole ekanye nabameli bakamasipala, baphezu komsebenzi wokuhlanganisa umhlomulo ozophuma noNzama uma evuma ukushiya umsebenzi wakhe.

Umthombo okhulume nephephandaba uthe uNzama angase avaleliswe ngezigidi, njengoba imizamo yokumchitha kamasipala yagcina iphunzile, eminye yale mizamo kwabe kuwukuthi uNzama athathe isikhundla sokuba yiNhloko yoMnyango obhekele iziNhlekelele.

UNzama wasinqaba lesi sikhundla.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...