Kuthiwa sidlwengule indoda isangoma

2012-08-02 16:40
Yabelani Shicilela

Johannnesburg - Isangoma sesilisa siboshiwe ngamaphoyisa mayelana nezinsolo ezithi sadlwengula indoda ebesihlala nayo endlini nomunye futhi wesilisa, kusho amaphoyisa aseGoli ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Xoli Mbele uthe isangoma lesi, 35, besihlala emkhukhwini namanye amadoda amabili, uthi ngoLwesithathu ebusuku, isangoma sakhokhobela lo mlisa mumbe oneminyaka engu-24 ubudala, samdlwengula ngesikhathi elele.

"Wamkhumula izingubo, wambamba ngenkani wamdlwengula, akucaci kahle ukuthi wayekuphi lona wesithathu ngesikhathi kwenzeka isehlakalo."

"Lona wakwazi ukweqa abaleke ngemuva kokudlwengulwa, wabe esebiza maphoyisa," kusho uMbele.

Umsolwa uzovela ngaphambi KweNkantolo yeMantshi eGoli maduzane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...