Kuthiwa ayiphilile ekhanda 'indoda yembazo'

2012-11-20 12:06

Durban - Owabe engumdlali webhola lombhoxo uJoseph Ntshongwana, osebizwa ngendoda yembazo, nobhekene namacala amaningi ahlanganisa awokubulala nawokudlwengula utshele inkantolo ukuthi "unobuzizizi" futhi ubona izinto ezingekho, wacela ukuthi adedelwe esulwe amacala abhekene nawo.

Ummeli walo owayedlalela amaBlue Bulls, usho lokhu etshela ijaji elibambile eNkantolo eNkulu eThekwini u-Irfaan Khalil, kubika iThe Mercury.

UNtshongwana ubhekene namacala amane okubulala, abantu abathathu ababulawa bajumpulwa amakhanda, amacala amabili okuzama ukubulala, elokudlwengula kanye nelokuthumba.

Ngasekuqaleni konyaka inkantolo yathola ukuthi lona uphile ngokwanele ukuthi kungathethwa icala, ekuveleni kwakhe enkantolo ngoMsombuluko, uchazele inkantolo ngokugula kwakhe waphinde waphika amacala.

Ummeli wakhe uThemba Mjoli ufundele inkantolo isitatimende sikadokotela u-A Gangat, oqinisekise ukungaphili kahle ekhanda kukaNtshongwana.

“Uma lokhu kugula kuhlasela, umuntu angenza noma yini. Kokunye angaba nodlame kakhulu aze abulale nokubulala," kusho umbiko kadokotela.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...