Kuthangathwa isiboshwa eseqe ejele

2013-01-22 08:17

Johannesburg - Amaphoyisa asephume inqina ethungatha owesilisa, 28, obelinde kuthethwe icala lakhe, noweqe esitokisini esebenzisa isitifiketi sebheyili sesinye isiboshwa, kubika iSowetan.

UHarry Blondie Kgasago, nobeboshelwe ukubulala nokuphanga, weqa esiteshini samaphoyisa saseRustenburg ngoDisemba 18 nyakenye.

Umphenyi kuleli cala, uDetective Constable Mzwandile Qetya, uthe uKgasago kuthiwa wasebenzisa igama lesinye isiboshwa ukukhokha ibheyili ka-R500.

NgokukaQetya, uKgasago waboshwa ngoNovemba 9 ngokubulala.

Isicelo sakhe sebheyili bese sihlehliswe izikhawu eziningana kanti bekulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseRustenburg ngoJanuwari 10.

UQetya usenxuse umphakathi ukuba usize amaphoyisa uma enomkhondo ngomsolwa.

Onolwazi angashayela kwethi-082 772 8054.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senyukile isibalo samabhasi ashisiwe

Emizuzwini eyi-2 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...