Kuteleke abendwangu eNewcastle
2012-10-12 15:55
Johannesburg - Balinganiselwa ku-3800 abasebenza ngendlwangu abangene esitelekeni samaholo eNewcastle, KwaZulu-Natal, kusho inyunyana yabo.
"Abasebenzi bethu bangene esitelekeni ngoMsombuluko," kusho uNobhala wenyunyana iSA Clothing and Textile Workers' Union, u-Andre Kriel.
UKriel uthe abasebenzi bafuna ukwenyuselwa amaholo ngo-R45 ngesonto, uthe bahola imali ephakathi kuka-R250 no-R400 ngesonto.
"Kwayona imali abayiholayo incane kakhulu kunalokhu ekumele engabe bayakuthola vele. Sizolwa siphuke izandla sifuna le mali, okungenani kumele bathole noma u-R534 ngesonto."
Isiteleka siqhubeke ezinkampanini ezingu-35, kusho uKriel
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).